I-SAFA izohlawulela uZungu

2017-11-08 19:16

Johannesburg - Umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter usekuqinisekisile ukuthi ihlawulo obekumele ikhokhwe uBongani Zungu izokhokhwa yi-South African Football Association. 

ISoccer Laduma ibike ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala uyalelwe ukuba ahlawule ngemali engu-R70k ngokungaziphathi kahle ngesikhathi bedlala neBurkina Faso. 

UZungu wabandakanyeka engxabanweni eyagcina isifake nabadlali abaningi bamaqembu amabili ngesikhathi iBafana yehlula iBurkina Faso ngo-3-1. 

UBaxter uthe umgomo mayelana nokukhohlwa kwenhlawulo yabadlali uthi uma umdlali ehlawuliswe ngesizathu inhlangano yebhola esibona njengokungesona esokuziphatha kabi, kusho ukuthi i-SAFA iyona okumele ikhokhe inhlawulo. 

"Uma umdlali ona bese ekhishwa emdlalweni kodwa angakhombisi ukuphikisana nesinqumo, siyamhlawulela,” kusho uBaxter.

OLUNYE UDABA: Uphoxekile ngabanye babadlali beBafana

"Kodwa, uma enobudedengu bokuziphatha futhi uma umdlali ephendulana nonondweba, lowo mdlali uzihlawulela yena,” kusho umqeqeshi.

UBaxter uphinde wathi uZungu wayengeyona imbangela yesigameko esaholela ekutheni aze ahlawuliswe.

Lo mdlali ngeke abeyingxenye yeBafana uma isidlala neSenegal ePolokwane kodwa angakhethwa ukuba adlale uma iBafana isiyodlala nayo futhi iSenegal eDakar ngoNovombe a14 eStade Leopoldo Sedar Senhor. 

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...