I-SAFA ithi ngeke aphinde adlalele iqembu lesizwe uSerero

2018-02-07 19:26

Durban – Umdlali wasesiwini weBafana Bafana, uThulani “Cream” Serero, usetshelwe ukuthi ngeke aphinde adlalele iqembu lesizwe.

Lezi zindaba ziqinisekiswe yisikhulu esiphezulu se-SA Football Association (Safa) uDennis Mumble ngoLwesibili engxoxweni abenayo ne-Independent Media ese-Oman.

USerero wabasematheni ngonyaka odlule ngesikhathi efuna isiqiniseko sokuthi uzodlala yini ngesikhathi iBafana izobhekena neSenegal emdlalweni wokuhlungela eyeNdebe yoMhlaba.

Lo mdlali ubengasajwayele ukuthola ijezi ngaphansi kukamqeqeshi omusha uStuart Baxter.

USerero akadlaliswanga ngesikhathi iBafana yehlula iNigeria kweyokuhlungela imidlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon).

OLUNYE UDABA: Elase-KZN ngeke lisamsayinisa owaseZim

Wabe esebekwa ebhentshini emidlalweni emithathu yokuhlungela eyeNdebe yoMhlaba.

“Ngingakutshela kwamanje ukuthi labo abaqhubekayo nokudelela iqembu lesizwe ngeke besakhethwa emidlalweni ezayo. Ngeke siqhubeke nokubekezelela ukuziphatha okunzjena,” kusho uMumble.

“Akuyena uSerero kuphela, kodwa bonke abaqhubekayo nokungaziphathi kahle uma bebizwa ukuba bazomela izwe.

“Siyayiqonda ingcindezi abadlali ababhekana nayo e-Europe. Siyazi ukuthi akulula, kodwa iqembu lesizwe kumele libekwe phambili futhi lihlonishwe.

“Ngeke sibe nabadlali abaqeqesha abaqeqeshi. Angihlangani nokukhethwa kwesikwati, kodwa umqeqeshi ukubeke kwacaca ukuthi ufuna izinto ziqonde,” kugcizelela uMumble.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...