I-SAFA inqabe ukunxephezela uMashaba ngo-R4.1m

2017-03-08 16:01

Cape Town – Inhlangano yebhola kuleli, iSouth African Football Association (SAFA) isimchithile lowo owayengumqeqeshi weBafana Bafana, osaxoshwa, uShakes Mashaba, esicelweni sakhe sokuthi anxeshezelwe ngesamba semali engu-4.1 million.

Ngokombiko weSowetanLIVE, lo mqeqeshi oneminyaka engu-66 ubudala ufuna ukuthi i-SAFA imholele imali yezinyanga ezingu-7.

Kodwa-ke iSAFA yona izimisele ukumkhokhela kuphela umholo wenyanga eyodwa nokuyimali okuthiwa ilinganiselwa ku-R580 000.

UMashaba ubefuna iSAFA imkhokhele lesi samba semali okukanye imubuyisele njengomqeqeshi weBafana Bafana, kodwa-ke iSAFA ayisayingeni leyo njengoba isibheke ukuqoka umqeqeshi omusha waleli qembu lesizwe.

OLUNYE UDABA: Indinda ngozoba umqeqeshi omusha weBafana

Manje udaba lukaMashaba seluzodlulela kumxazululi njengoba zombili izinhlangothi zihlulekile ukufika esivumelwaneni, ngokusho kukaKhomishana uHlalele Molotsi, weCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA).

IBafana Bafana ibilokhu ingenaye umqeqeshi kusukela iSAFA yakhomba indlela uMashaba ngoDisemba wangonyaka odlule.

UMashaba walahlwa yicala lokuthuka izikhulu eziphezulu zeSAFA ngemuva komdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba nalapho iNingizimu Afrika yabhaxabula khona iSenegal.

Khonamanjalo, ukumenyezelwa komqeqeshi ozothatha izintambo kuMashaba, okwaqale kwalindeleka ngesonto eledlule, manje sekulindeleke ukuthi kwenziwe uma sekubuye uMengameli weSAFA, uDanny Jordaan, eZambia, nalapho eyokweseka khona iqembu lakuleli labaneminyaka engaphansi kwengu-20 ubudala.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 8-17°C High level clouds. Mild. Pta: 6-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Cool. Bloem: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 13-16°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. PE: 10-16°C Showers early. Decreasing cloudiness. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...