I-PSL izokhipha isinqumo ngolukaTendai Ndoro

2018-03-27 12:32

Cape Town - IPremier Soccer League (PSL) kulindeleke ukuba yehlise isinqumo sayo mayelana nodaba oluthinta umdlali we-Ajax Cape Town uTendai Ndoro.

I-PSL Disciplinary Committee ithathe isinqumo sokuthi kakukho sezandleni zayo ukulalela isikhalazo esafakwa yi-Orlando Pirates nePolokwane City mayelana nodaba lwalo mdlali.

Leli cala ngelesinqumo esathathwa yi-Ajax Cape Town sokudlalisa uNdoro yize 'umthetho ungavumi'.

Lo mdlali, 32, usedlalele i-Orlando Pirates, ikilabhu yaseSaudi Arabia i-Al Faisaly kanjalo nama-Urban Warriors ngesizini ka-2017/18.

OLUNYE UDABA: IPirates iqinisekise ukuhamba komgadli owayengaconsi phansi

Isinqumo se-Ajax sokudlalisa lo mdlali kubukeka sengathi siyaphambana nemithetho ye-FIFA ekubeka ngokusobala ukuthi umdlali akakwazi ukudlalela amakilabhu amathathu ehlukene ngesizini eyodwa.

Imithetho ye-FIFA ithi yize umdlali evumelekile ukuthi angasayiniswa amakilabhu amathathu kwisizini eyodwa, lowo mdlali angakwazi ukudlalela amakilabhu amabili kuphela. 

Ngokusho kombiko, le mithetho ithi: "Abadlali bangasayiniswa amakilabhu angevile kwamathathu ngesizini eyodwa, nokho umdlali osayiniswa amakilabhu angaphansi kososeshini abanamasizini adlalwa ngesikhathi esingefani angakwazi ukudlalela ikilabhu yesithathu kuleso sikhathi, inqobo nje uma ehlonipha imibandela yamakilabhu abewadlalela ngaphambilini."

I-SAFA iqinisekisile ukuthi isikhalazo esilalelwe wuhlaka oluzimele, isinqumo saso sizokhishwa ngoLwesithathu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...