I-PSL izokhipha isinqumo ngokudayiselwa koSuthu iThanda

2017-06-22 14:10

Johannesburg - INational Executive Committee (NEC) yePremier Soccer League (PSL) izohlangana ngesonto elizayo mayelana nesicelo esifakwe AmaZulu sokuthenga iThanda Royal Zulu, ngokusho kukaProfessor wePSL, uRonnie Schloss.

IThanda ikhushulelwe esigabeni sePSL ngesizini eyedlule kulandela iminyaka engu-8 idlala esigabeni seNational First Division ngemuva kokuya ehlathini ngonyaka ka-2009.

Beqeda nje ukuphakamisa inkomishi yesicoco seligi yeNFD, uSihlalo wamaBhubesi, uPierre Delvaux, watshela iKickOff ukuthi uzobheka indaba yokuyidayisa le kilabhu ngenxa yezindleko eziphezulu zokuphatha ikilabhu, wabe esenxusa osomabhizinisi abanentshisekelo ukuba beze etafuleni.

OLUNYE UDABA: Naba abadlali abahola kakhulu kunabo bonke kuPSL

Kodwa-ke lesi sinqumo sakhe sokudayisa asehlanga neze kahle koMasipala ababili baKwaZulu-Natal, okunguMhlathuze noThungulu, nabanxuse isigungu esiphezulu sePSL ukuthi singakugunyazi lokhu kuthengwa ngemuva kokuthi labo masipala baqinisekisa ukuthi yibona abebesiza leli qembu ngezimali – kodwa-ke uDelvaux uthi lolu xhaso belunganele.

Oyi-General Manager yoSuthu, uLunga Sokhela, ukudalulile ngesonto eledlule ukuthi isivumelwano sesenziwe nomnikazi weThanda, manje konke sekusele kwisigungu esiphezulu sePSL ukuthi senze isinqumo.

USchloss ukuqinisekisile ukuthi uma isicelo sifakiwe, sizolalelwa emhlanganweni olandelayo wekomiti lePSL.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...