I-PSL izohlehlisa imidlalo uma iDowns iyodlala koweFifa

2016-10-20 18:05

Johannesburg - I-PSL iqinisekise ukuthi uma iMamelodi Sundowns ithola ithuba lokuyodlala emqhudelwaneni we-FIFA Club World Cup, akukho okunye ezokwenza ngaphandle kokuhlehlisa imidlalo yonke.

ISundowns sekusele kancane ithathe isicoco seCAF Champions League, kanti kuzocaca kahle uma iqembu likaPitso Mosimane selibhekene neZamalek yaseGibhithe ngeSonto.

Funda nalolu daba: UMbalula uthi uzoklomelisa iDowns

IDowns isadlale umdlalo owodwa kuphela weligi kanti ilele emsileni ngephuzu elilodwa ngenxa yokubasemqhudelwaneni weChampions League.

Manje, okhulumela iPSL uLuxolo September usekuqinisekisile ukuba uma iDowns ithatha isicoco seCAF Champions, lokho kuzosho ukuthi izodlala kwiFIFA Club World Cup bese kuphoqeleka ukuba bahlehlise imidlalo yonke ephakathi komhlaka.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...