I-PSL ivune uNdoro ngolubandakanya iPirates ne-Ajax

2018-01-31 18:02

Cape Town - I-Ajax Cape Town isimemezele ukuthi uTendai Ndoro uzobonakala emdlalweni uma ikilabhu yakhe entsha ibhekene ne-Orlando Pirates kulandela isinqumo se-PSL ngempikiswano ebikhona.

Lo mdlalo uzodlalwa ngoLwesithathu, mhlaka-31 Januwari.

Le kilabhu ikhiphe isitatimende yathi: "I-PSL Dispute Resolution Chamber isikhiphe isinqumo esivuna i-Ajax Cape Town noTendai Ndoro. Lo mdlali odabuka eZimbabwe kunqunywe ukuthi unelungelo lokudlala."

Ngaphambi kokujoyina ama-Urban Warriors, uNdoro wadlala imizuzu embalwa kwiPirates kepha kwathi ngokuhamba kwesikhathi wasayiniswa yi-Al-Faisaly. Nokho akazange ahlale kakhulu eSaudi Arabia wabe esebuyela kwiPremiership wajoyina ezikaMuhsin Ertugral.

Imithetho ye-FIFA ithi yize umdlali evumelekile ukuthi angasayiniswa amakilabhu amathathu kwisizini eyodwa, lowo mdlali angakwazi ukudlalela amakilabhu amabili kuphela. Kule sizini ka-2017/18 bekubonakala sengathi lo mdlali uyephulile le mithetho.

Ngokusho kombiko weSoccer Laduma, le mithetho ithi: "Abadlali bangasayiniswa amakilabhu angevile kwamathathu ngesizini eyodwa, nokho umdlali osayiniswa amakilabhu angaphansi kososeshini abanamasizini adlalwa ngesikjathi esingefani angakwazi ukudlalela ikilabhu yesithathu kuleso sikhathi, inqobo nje uma ehlonipha imibandela yamakilabhu abewadlalela ngaphambilini."


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...