I-PSL ivumile ukuhlehlisa umdlalo wePolokwane City kulandela ukushona komdlali

2018-02-14 16:00

Cape Town - IPremier Soccer League (PSL) isamukele isicelo sePolokwane City sokuthi kuhlehliswe umdlalo wayo we-Absa Premiership obuzoba ngempelasonto idlala neBloemfontein Celtic.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi le kilabhu iqinisekise ukudlula emhlabeni kwesitobha uMogau Tshehla, oshone engozini yemoto ngoMsombuluko ebusuku.

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala - obekhona ezakhe zigadulisana koweNedbank Cup ne-Ubuntu Cape Town ngesonto eledlule - wajoyina iRise and Shine ngoJanuwari wonyaka owedlule esuka ekilabhini edlala ku-NDF iWitbank Spurs.

OLUNYE UDABA: Alokhu egeleze njalo owenduduzo ngokushona komdlali we-PSL

Wasayina inkontileka yeminyaka emithathu nale kilabhu yaseLimpopo.

I-PSL ikhiphe isitatimende esifundeka kanje: "IPremier Soccer League isamukelile isicelo sePolokwane City FC sokuba kuhlehliswe umdlalo wayo wangempelasonto we-Absa Premiership neBloemfontein Celtic.

Lo mdlalo bekulindeleke ukuba udlalwe ngeSonto, mhlaka-18 Febhuwari.

Lokhu kulandela ukudlula emhlabeni ngokukhulu ukuzuma kukaMogau Tshehla oshone engozini yemoto.

I-PSL isazonquma ukuthi lo mdlalo uzokwenzeka nini.

Iligi ithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini kaMogau Tshehla nePolokwane City kulesi sikhathi esinzima."


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...