I-PSL isiqinisekise yonke imininingwane ngemidlalo yama-Play-off

2017-05-30 14:00

Cape Town – Njengoba isiphothuliwe imidlalo yePremiership kanye neNational First Division (NFD), manje iPremier Soccer League (PSL) isiziqinisekisile izinsuku kanye nezikhathi zemidlalo yama-Play-off onyaka ka-2016/17 yokuhlungela ukukhushulelwa kanye nokuhlala esigabeni sePSL.

Le midlalo izoqala ngoLwesithathu, mhlaka-31 Meyi, nalapho iStellenbosch FC (ebihleli endaweni yesithathu kuNFD) izokwamukela iBaroka FC (ebisendaweni yesi-15 esigabeni sePremiership) e-Athlone Stadium. Lo mdlalo uzoqala ngo-15:00.

Emdlalweni wesibili walo mqhudelwano ozenza saligi encane, iBlack Leopards (ebisendaweni yesibili kuNFD) izokwamukela iStellenbosch FC ngoMgqibelo, mhlaka-3 Juni, enkundleni yezemidlalo iThohoyandou Stadium. Nawo lo mdlalo uzoqala ngo-15:00 ntambama.

OLUNYE UDABA: Iyaqina eyokuthengwa kweThanda ukuze AmaZulu abuye kuPSL

IBaroka FC nayo izobe isithola ithuba lokudlalela ekhaya uma ngabe isibhekene neBlack Leopards ePeter Mokaba Stadium ngoLwesithathu mhlaka-7 Juni. Umdlalo uzoqala ngo-15:00 ntambama.

Ngomhlaka-10 kuJuni iBaroka FC izophinde idlalele ekhaya uma ngabe seyamukela iStellenbosch FC enkundleni efanayo ngo-15:00 ntambama.

NgoLwesithathu, mhlaka-14 June 2017, iStellenbosch izotholana nephuzulu neBlack Leopards emdlalweni ozoqala ngo-19:30.

Umdlalo wokugcina wokuhlunga uzoba seThohoyandou Stadium nalapho kuzobe kutholene khona phezulu iBlack Leopards kanye neBaroka FC ngoMgqibelo mhlaka-27 Juni ngo-15:00 ntambama.

IMIDLALO

Meyi 31 - Stellenbosch FC v Baroka FC - Athlone Stadium (15:00)

Juni 3 - Black Leopards v Stellenbosch FC- Thohoyandou Stadium (15:00)

Juni 7 - Baroka FC v Black Leopards - Peter Mokaba Stadium (15:00)

Juni 10 - Baroka FC v Stellenbosch FC - Peter Mokaba Stadium (15:00)

Juni 14 - Stellenbosch FC v Black Leopards - Athlone Stadium (19:30)

Juni 27 - Black Leopards v Baroka FC - Thohoyandou Stadium (15:00)

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...