I-PSL isikugunyazile ukuthengwa kweThanda uSuthu

2017-07-06 15:21

Johannesburg – IPremier Soccer League (PSL) isikuqinisekisile ukuthi isigunyaze ukuthi AmaZulu athenge isikhala seThanda Royal Zulu sokudlala esigabeni se-Absa Premiership kule sizini ezoqala, kubika iKickOff.

Leli qembu elizinze eThekwini seligcine likuphothulile ukuthengwa kwaMabhubesi ngemuva kwezingxoxo ebezibandakanya nePSL.

“Ikilabhu ebeyaziwa ngeThanda Royal Zulu isizodlala esigabeni seligi sePremier Division ngaphansi kwegama AmaZulu Football Club bese lithuthela eThekwini,” kubeka iPSL esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: I-PSL izokhipha isinqumo ngokudayiselwa koSuthu iThanda

I-PSL iphinde yaqinisekisa nokuthi “IRichards Bay Football Club izodlala kwiNational First Division bese ithuthela eRichards Bay’, bese kuthi iqembu ebelaziwa nge-FC Cape Town  lidlale kwiNational First Division ngaphansi kwegama  Ubuntu Cape Town Football Club.”

Enye into ebambezele ukuthengwa kweThanda wuSuthu kube ukuba manqikanqika kwalo Usuthu ukuthi luthathe abadlali beThanda, kodwa-ke lolu daba lugcine luxazululiwe ngokuthi AmaZulu asayine inqwaba yabadlali baleli qembu laseRichards Bay ngenhloso yokusheshisa uhlelo.

IThanda inyuselwe esigabeni se-Absa Premiership ngemuva kokuthatha isicoco seligi kwiNational First Division.

Ngakolunye uhlangaothi, AmaZulu aqeda indawo esendaweni yesihlanu, ahluleka ancama ukuthi okungenani adlale imidlalo yama-play-offs, nokwenze akhetha indlela enqamulelayo eya esigabeni esiphezulu Premiership. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 21-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-25°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Numerous showers. Overcast. Mild. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...