I-PSL isichithile isicelo seMamelodi Sundowns

2016-09-07 16:01

Johannesburg – I-PSL isinqabile isiphakamiso seMamelodi Sundowns sokuthi kuhlehliswe eminye imidlalo yeligi ukuze ikwazi ukuzilungiselela kahle umdlalo we-CAF Champions League.

IDowns izothwala kanzima kule nyanga njengoba inemidlalo eminingi ye-PSL, i-MTN8 nemidlalo yeChampions League.

Leli qembu lacela ukuthi kuhlehliswe umdlalo wangomhlaka-14 Septhemba nowangomhlaka-17 Septhemba.

OLUNYE UDABA: UMosimane usecele usizo ku-PSL noMashaba

“Sixhumene neSundowns isicela ukuthi sihlehlise imidlalo yeligi, kepha sababhalele izizathu zokuthi kungani kungeke kwenzeke lokhu,” kusho okhulumela i-PSL uLux September.

"Sibafisela okuhle kodwa njengoba bezobe bemele izwe.”

I-PSL ithi uma ivumela ukuthi kuhlehliswe imidlalo yeDowns kuzoba sengathi iyakhetha, ngoba eye-Orlando Pirates ayizange ihlehliswe ngesikhathi idlala kweye-CAF ngo-2013.

ISundowns izodlala imidlalo emihlanu ezinsukwini ezingu-14.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 14-23°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...