I-PSL iqinisekise eyokugwaza komkhonto ekhaya koweSoweto derby

2017-03-06 18:04

Cape Town – I-Premier Soccer League (PSL) isikuqinisekisile ukuthi igoli le-Orlando Pirates lokulinganisa ngesikhathi itholene phezulu ne-Kaizer Chiefs kube umkhonto ogwaze ekhaya, nokuyiphutha elenziwe isitobha seChiefs, uTsepo Masilela.

Umdlali wePirates owayesefomini ngoMgqibelo, wadedela ishodi elashaya kuMasilela onyaweni maqede ladlula phakathi kwemilenze kunozinti weChiefs, u-Itumeleng Khune.

OLUNYE UDABA: UKomphela uvikela uKatsande ngokushweba iphenathi

Lo mdlalo wagcina uphele ngo-1-1 enkundleni yezemidlalo i-FNB Stadium.

“Niyacelwa ukuba niqaphele ukuthi izikhulu zomdlalo zinike igoli okube ukuphela kwegoli le-Orlando Pirates emdlalweni neKaizer Chiefs (ngoMgqibelo mhlaka-4 kuMashi 2017) umdlali weKaizer Chiefs, u Tsepo Masilela (njengegoli elingene ngasekhaya ngomzuzu ka-33),” sifundeka kanje isitatimende se-PSL.

“Sithemba ukuthi lokhu kuyalucacisa udaba.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...