I-PSL ingase ihlawulise iCity ngesivumelwano esisha sabaxhasi

2017-08-15 09:32

Cape Town - ICape Town City kubikwa ukuthi ingase ibhekane nokuhlawuliswa yiPremier Soccer League (PSL) ngemuva kokungayitholi imvume yokugqoka ijezi layo elinegama labaxhasi bayo abasha, iSportPesa, ngaphambili.

ICity isanda kumemezela inkontileka yayo yezigidigidi zamarandi nenkampani yezokugembhula, yabe isidlala umdlalo wayo wama-quarter-final kumqhudelwano weMTN8 nePolokwane City ngoMgqibelo isivele isibafakile abaxhasi bayo emajezini.

Ngokwe-website yeTimesLIVE, amaCitizens aphule umthetho wePSL othi kumele kutholakale imvume ebhalwe phansi kuqala ngaphambi kokuba amajezi abhalwe abaxhasi abasha agqokwe.

OLUNYE UDABA: ICape Town City yethule abaxhasi abasha bejezi

Umthombo wale-website, okhulume ngombandela wokuthi ungadalulwa, uthi, “Kube kuphela ngoba bekuwumdlalo weMTN8 ukuthi uqhubekile kodwa ukuba bekuwumdlalo weligi, nakanjani bekungeke.”

IPolokwane, neyaphuma kulo mqhudelwano ngemuva kokugwaza komkhonto ekhaya okwenziwe uSibusiso Mbonani, kusolwa ukuthi ingenelele kulokhu kungaboni ngaso linye phakathi kweCity nePSL, yabe isifaka isikhalo ngokusemthethweni.

Akukacaci okwamanje ukuthi iyiphi inhlawulo leli qembu eliqeqeqeshwa uBenni McCarthy elizobhekana nayo.

Manje iCitizens isizogxila emdlalweni wayo olandelayo wePremiership nalapho izobe itholene phezulu neBidvest Wits ngoLwesihlanu kusihlwa.

Lo mdlalo uzoqala ngo-20:00.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...