I-PSL ihlawulise AmaZulu, neMoroka Swallows

2016-03-11 13:32

Johannesburg - IPremier Soccer League isihlawulise AmaZulu u-R300 000 neMoroka Swallows u-R200 000 "ngokufaka iligi ehlazweni" ngemizamo yabo yokuphazamisa imidlalo yePromotion/Relegation Play-offs yangesizini ephelile.

Lamaqembu azama ukumisa ama-Play offs ngokubabela ezinkantolo kulandela izinsolo zokuthengiswa kwemidlalo.

Kodwa ehluleka, ngokuhamba kwesikhathi lamaqembu ehlela kwiNational First Division ekupheleni kwesizini.

Funda nalolu daba: 'Wenze umsebenzi oncomekayo uKhune'

I-PSL ikhiphe isitatimende esithi AmaZulu FC neMoroka Swallows FC bathweswa amacala okungaziphathi kahle nelokufaka iqembu ehlazweni.

“AmaZulu FC atholwe necala ahlawuliswa u-R300 000; kodwa u-R150 000 uzolengiswa ngombandela wokuthi bangatholakali necala elifanayo ngesizini ka-2015/16.

"IMoroka Swallows FC nayo itholwe inecala yahlawuliswa u-R200 000; u-R100 000 uzolengiswa ngombandela wokuba ingatholakali necala elifanayo ngesizini ka-2015/16."

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Passing showers. Partly cloudy. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...