I-PSL ibeke AmaZulu icala kulandela ukuziphatha kwabalandeli

2018-03-08 12:33

Cape Town - Ikomidi eliqondisa izigwegwe kwiPremier Soccer League (PSL) selibeke Amazulu icala kulandela ukungaziphathi ngendlela kwabalandeli emdlalweni we-Absa Premiership neMamelodi Sundowns kwaze kwadingeka ukuthi umiswe.

Iqeqebana labalandeli eKing Zwelithini Stadium lajikijela izinto enkundleni ngemuva kokuthi umsizi kanompempe engaliphakamisanga ifulegi yize igoli leDowns lesithathu lalishaywe ngumdlali owaye-offside.

I-PSL ikhiphe isitatimende yathi: Ikomidi eliqondisa izigwegwe kwiPremier Soccer League selibeke AmaZulu FC icala lokwephula iSafety and Security Manual (Compliance Manual) ngesikhathi idlala kowe-Absa Premiership neMamelodi Sundowns ngoLwesihlanu ebusuku, mhlaka-2 Mashi 2018.

Lokhu kungemuva kokuthi iqeqebana labalandeli lajikijela izinto enkundleni kuqhubeka umdlalo, kwaze kwadingeka ukuthi umiswe imizuzu eyishumi.

AmaZulu azobhekana necala lokuhluleka ukuhlinzeka ezokuphepha ezanele emidlalweni yayo njengokwezimiso zeCompliance Manual.

Bazovela ngaphambi kwekomidi ngomhlaka-14 Mashi 2018.

Ngesikhathi amaMasandawana ehamba phambili ngo-3-1 kulo mdlalo, izinto zathatha elinye ijika ngesikhathi abalandeli bevuka umbhejazane bekhala ngegoli lesithathu elafakwa nguSibusiso Vilakazi.

Ibhentshi leDowns lajikijelwa ngemfucuza kwaze kwadingeka ukuthi umdlalo umiswe isikhashana.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Thunderstorms. Mostly cloudy. Cool. Pta: 8-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-21°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Showers late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...