I-Orlando Pirates yelule izinkontileka zabadlali ababili

2018-01-08 16:00

eThekwini - Izinkuzi zaseSoweto i-Orlando Pirates ithi izobagcina abadlali ababili kuze kushaye u-2020, lokhu kulandela ukuthi yelule izinkontileka zikaLuvuyo Memela noMpho Makola.

UMemela ungumdlali osemqoka kakhulu kumqeqeshi uMicho Sredojevic njengoba ebuye wazibonakalisa emdlalweni wabo wangoMgqibelo ngesikhathi beshaya iBaroka FC ngo-3-1.

OLUNYE UDABA:AmaBhakabhaka awuqale kahle unyaka ebhaxabula iBaroka FC

Leli qembu lithi uMakola, owajoyina leli qembu ngo-2012, namanje usadlala ngokuzimisela kanti lokho kubonakala ngokungasali kwisikwati esiqokwa wumqeqeshi.

UFloyd Mbele oyi-Administrative Officer yaleli qembu uthe: "Ngingakuqinisekisa ukuthi le kilabhu yelule izinkontileka zala badlali bobabili.

"Okunye engingakuveza wukuthi zikhona izinhlelo zokwenza okufanayo nakwinkontileka kaGift Motupa, osabolekiswe kwiBaroka FC," esho.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...