I-FIFA iqinisekise izikhala ezingu-9 ze-Afrika kwiNdebe yoMhlaba

2017-05-10 12:30

Cape Town – Inhlangano yebhola emhlabeni iFIFA isiqinisekise amazwe asezwenikazi i-Afrika ukuthi asezothola izikhala ezingu-9 kumqhudelwano weNdebe yoMhlaba uma ngabe lo mqhudelwano usunyusa isibalo samaqembu sifinyelela ku-48 ngo-2026.

NgoJanuwari, inhlangano yebhola emhlabeni yavota ngobuningi ukuthi kunyuswe isibalo samaqembu adlala kumqhudelwano weNdebe yoMhlaba sisuka ku-32 siya ku-48.

OLUNYE UDABA:Usexolisile uKhune ngokugxeka ozakwabo kuChiefs

Ngokwe-website yeFIFA.com, isifunda seCAF singathola izikhala ezilinganiselwa kwezingu-10 ngenxa “yomqhudelwano wama-play-off wamazwekazi obandakanya amaqembu ayisithupha ozonquma ngezikhala zeFIFA World Cup ezimbili.”

Khonamanjalo, kusazomenyezelwa ukuthi yiliphi izwe elizosingatha iNdeba yoMhlaba yangonyaka ka-2026 njengoba iFIFA isikhiphe uhlu lwezinto ezidingekayo izwe okumele lihlangabezane nazo ukuze kucutshungulwe isicelo salo sokusingatha imidlalo yeNdebe yoMhlaba.

UKWABIWA KWEZIKHALA KWINDEBE YOMHLABA NGO-2026:

AFC (Asia): 8.5 wezikhala 

CAF (Africa): 9.5 wezikhala 

CONCACAF (North America): 6.5 wezikhala 

CONMEBOL (South America): 6.5 wezikhala 

OFC (Oceania): 1.5 wezikhala 

UEFA (Europe): 16 wezikhala

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...