I-Eagles isisayinise owayevimbela iPirates

2016-07-29 19:00

Johannesburg – Iqembu elidlala kuNational First Division iRoyal Eagles isiqinise ipali ngokusayinisa lowo owayengunozinti we-Orlando Pirates, uPhilani Zikalala.

UZikalala ubengomunye wabadlali abaningi obekulindeleke ukuba bashiye amaBhakabhaka kulandela ukuthi echithe isizini eyedlule ebolekiswe kuGolden Arrows, kubika iKickOff.com.

Inkontileka yalo mdlali, 32, bekulindeleke ukuba iphelelwe yisikhathi ngesizini ezayo, kanti umqeqeshi we-Arrows wakwenza kwacaca ukuthi ngeke amdinge ngesizini ezayo.

OLUNYE UDABA: 'Usayine kwiFree State Stars obefunwa yiDowns'

Isikhala salo mdlali kuPirates savaleka ngesikhathi leli qembu lisayinisa uJackson Mabokgwane.

Imenenja ye-Eagles uRichard Makhoba uqinisekisile ukuthi lo mdlali uzodlalela ezikaS’bu Mpisane ngesizini ezoqala.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...