I-DRC yePSL izosikhipha ngelizayo isinqumo esithinta umqeqeshi neqembu

2017-04-07 12:30

Durban - IDispute Resolution Chamber (DRC) yePremier Soccer League kulindeleke ikhiphe isinqumo sayo ngodaba oluphakathi kwePolokwane City nowayengumqeqeshi wayo uLuc Eymael ngoMsombuluko.

U-Eymael washiya iCity ngasekuqaleni kwenyanga kaMashi, kungakapheli sikhathi esingakanani waqokwa yiCeltic njengomqeqeshi wayo.

Kodwa selokhu aqokwa yileli qembu laseBloemfontein ubengakaze abonakale ebhentshini lePhunya Sele Sele njengoba iCity yacela ukuba angavunyelwe kuze kube lolu daba luyaphothulwa yi-PSL.

U-Eymael uphekwe ngemibuzo yi-DRC ngoLwesine kanti ube esedalula ukuthi isinqumo silindeleke ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA: IChiefs isihlukene nomgadli wayo

"Namuhla [ngoLwesine] ngibuzwe imibuzo futhi ngayiphendula ngokweqiniso eliphelele,” kusho lo mqeqeshi waseBelgium etshela iKickOff.com.

"Bekuyimina kuphela ufakazi namhlanje, abanye ofakazi abavunyelwanga ukuba bakhulume. Kodwa icala seliphelile, kulindele ukuba isinqumo siphume ngoMsombuko.

“Ngibuzwe ukuthi kungani ngesula kwiPolokwane, ngachaza, ngachaza nangezimo engangisebenza ngaphansi kwazo.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 9-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 6-19°C Broken clouds. Mild. Bloem: 8-20°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 16-25°C Sunny. Mild. PE: 16-25°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...