I-Chippa United isimanqikanqika ngokuthatha uMasuku

2016-08-17 11:31

Durban - Izindaba ezivela kwi-Chippa United wukuthi ngeke basaqhubeka nokuthatha umdlali we-Orlando Pirates wasesiswini uMenzi Masuku.

Lokhu kulandela isimemezelo esenziwa umphathi waleli qembu uSiviwe Mpengesi ngenyanga edlule ngezinhloso zabo zokuthenga lo mdlali.

Amabhakabhaka akuqinisekisa lokhu kwiwebhusayithi yawo ukuthi uMasuku ungomunye wabadlali abasendleleni ephumayo.

Funda nalolu daba:Ngizimisele ngokusebenza ngokuzikhandla - Masuku

Yize lamaqembu avumelene, kubonakala sengathi uMasuku uyena oshaya ushindindi kulokhu.

Ngokwemibiko yaseSiya Crew, uMasuku wayezojoyina iChippa bese kuthi uNkosinathi Mthiyane athathe indawo yakhe e-Orlando.

UMthiyane usehambile, kodwa sengathi ngeke kusaba ngokwamagama enkehli kuMasuku.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...