I-Arrows kuthiwa igaqele abadlali bePirates

2016-06-23 14:31

Durban – Sekuputshuke ezithi iLamontville Golden Arrows igaqele abadlali be-Orlando Pirates ngezinhlelo zokuqinisa isikwati ngesizini ezayo.

I-Arrows ibuyele ku-PSL ngesizini eyedlule kulandela ukudliwa yizembe yayodlala ku-NFD, kubika iLANGA.

Leli qembu likaMato Madlala kuthiwa lizimisele ngokwenza kahle kule sizini ezoqala yingakho lifuna ukuqinisa isikwati ngabadlali ababili bePirates.

OLUNYE UDABA: ICeltic igaqele owaduma kwiPirates

Umbiko uthi i-Arrows igaqele uNkosinathi Lorch obebolekiswe amaBhakabhaka kuCape Town All Stars kanye noGladwin Shitolo obebolekiswe kubona aBafana Bes’thende.

Ethintwa umqeqeshi we-Arrows, uClinton Larsen uvumile ukuthi bayabafuna la badlali.

“Sisafake isicelo ngoba siyabafuna okwangempela. Sifuna ukuqinisa isikwati ngabo,” esho.

Umthombo uthe kungenzeka iqembu libathole la badlali elibafunayo ngoba uMadlala “uyatholana” kakhulu no-Irvin Khoza.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 12-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...