I-Arrows isisayine umdlali weWits

2017-08-29 16:01

Cape Town – Iqembu elizinze eThekwini, iGolden Arrows, selimemezele ukusayina umdlali wasesiswini weBafana Bafana, uJabulani Shongwe, esuka kwiBidvest Wits.

UShongwe ubejwayele ukudlala kumaClever Boys ngesizini ka-2014/15 kanye neka-2015/16, kodwa ngale nje kwemizuzwana embalwa yokudlala emqhudelwaneni, ubengesiyona nhlobo ingxenye yeqembu elikhulu kuleli qembu ngesikhathi linqoba isicoco seligi.

OLUNYE UDABA:Unozinti wele-PSL osefomini akaneme ngokungabizwa kwiBafana

Ngemuva kwesikhathi eziqeqesha neqembu likaClinton Larsen, i-Arrows ikuqinisekisile ngoLwesibili ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala usesayiniwe.

Ngokombhalo wale kilabhu kuTwitter, kuphakathi kokuthi lo mdlali usayine isivumelwano senkontileka emfushane noma ubolekisiwe.

“Singakuqinisekisa ukuthi sesithole uJabulani Shongwe. Uzoba ngumdlali wethu kule sizini,” le kilabhu isho kanjalo. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...