I-Arrows ayikutholi ukuphumula ngelomdlali 'owasayiniswa ekhonjwe ngesibhamu'

2017-12-21 18:00

Johannesburg - Ikilabhu yebhola likanobhutshuzwayo iGolden Arrows ukujika umqondo weFifa ekutheni iyekele iPremier Soccer League ixazulule udaba oluphakathi kwayo noClifton Miheso.

Kusolwa ukuthi uMiheso waphoqwa ekhonjwe ngesibhamu ukuba adabule inkontileka yakhe ne-Arrows ngesizini eyedlule.

UMiheso wabika isigameko kwi-South African Football Players Union (Safpu) okuyiyo eyaludlulisela kwi-Fifa.

OLUNYE UDABA:Selubikelwe i-FIFA udaba lwe-Arrows nomdlali 'owakhonjwa ngesibhamu'

"I-Arrows yabhalela iFifa incwadi icela ukuba udaba luyekelelwe ezandleni zePremier Soccer League.

"Kodwa iFifa yanqaba ukukwenza lokho ngoba uMiheso engasiye owaseNingizumu Afrika," kusho uTebogo Monyai oyiSekela likaMengameli leSafpu etshela Isolezwe.

UMiheso uselifulathele elakuleli wayojoyina iBuildcon FC yaseZambia. 

Kuthiwa uMiheso, ongumdlali waseKenya owasayiniswa yi-Arrows ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2016/17, wathi waphoqwa ekhonjwe ngesibhamu ukuba abhale incwadi yokwesula ngoJanuwari nonyaka.

I-Worldwide Representative Organisation for Professional Footballers (FIFPro) yabe isikhipha isitatimende esikuqinisekisa ukuthi abameli baMiheso bafaka isimangalo kwi-FIFA mayelana nalo mdlali waseKenya kanye neGolden Arrows.

Kuthiwa uMiheso, ngenxa yokwesabela impilo yakhe, wabuyela ezweni lakubo eKenya ngemuva kwesigameko.

 - Phakaaathi

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...