I-Al Ahly isifuna isilomo seSundowns - Umbiko

2017-09-08 13:59

Johanensburg - Ngemuva kokusayinisa uPhakamani Mahlambi, izinkunzi zase-Africa i-Al Ahly isifuna umdlali weMamelodi Sundowns, uPercy Tau, kubika iKickOff.com.

UMahlambi ujoyine i-Al Ahly ngenkontileka yeminyaka emine esuka kompetha be-PSL iBidvest Wits ngoLwesine.

UMahlambi ubengumdlali wokuqala waseNingizimu Afrika ukuyodlala esigabeni esiphezulu eGibhithe.

Ngokwemithombo ethembekile, le kilabhu yaseCairo isifuna ukuzama ukusayinisa uTau ngoJanuwari ngemuva kokuba lo mdlali edonse amehlo ayo emidlalweni yeCAF Champions League.

OLUNYE UDABA: Umdlali weWits usayine inkontileka nezinkunzi zaseGibhithe

Umthombo uthi ikhona imizamo esiyenziwe yi-Al Ahly ukuthola uTau kodwa ayikho esakwenze ngokusemthethweni.

Imenenja kaTau, uMmatsatsi Sefalafala, ikuqinisekisile ukuthi kune kilabhu yaseGibhithe ezimisele ngoTau kodwa wangafuna ukwenaba ngemininingwane.

"Nginobudlelwane obuhle neMamelodi Sundowns ngakho angithandi ukukhuluma ngalolu daba kwabezindaba,” kusho uSefalafala.

"UPercy unenkontileka neSundowns futhi uzibophezele kule kilabhu.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...