I-Ajax iqinisekise eyesivumelwano ngabadlali neChippa United

2018-01-09 11:03

Cape Town - I-Ajax Cape Town isiqinisekisile ukuthi isayinise uSamuel Julies esuka kwiChippa United, ngesivumelwano sokuthi yona ithathe uBantu Mzwakali.

UJulies waqala ukugqama kwiMamelodi Sundowns yize ayengalitholi njalo ijezi ngaphambi kokusayiniswa amaChilli Boys ngaphambi kokuqala kwesizini ephezulu.

Izinto ziqale ukumhambela kahle lo mdlali ePort Elizabeth njengoba ashaya igoli elawinisa iqembu ayelidlalela kwiTelkom Knockout Cup.

“Ngijabule kakhulu ngokuthi ekugcineni ngibe ngumdlali we-Ajax Cape Town futhi ngiyabonga kubaphathi ngendlela abalusingathe ngayo lolu daba, le yikilabhu enkulu futhi ngizimisele ngokudlala ngokuzikhandla njengoba sengikuyo," kusho uJulies ecashunwa yi-website yekilabhu.

OLUNYE UDABA: IPirates isayinise obeyisekela likaPitso Mosimane

“Izinto zenzeke ngokushesha yingakho kumele uhlale uzilungiselele uma ungumdlali. Bengikulindele lokhu, ngiyethemba ukuthi konke kuzohamba kahle ngiphinde ngidlale umdlalo wami wokuqala ngikwi-Ajax kungekudala. Ngiyajabula ngoba ekugcineni izinto zigcine zesihlanganile."

Lo mdlali ongowokuzalwa eKimberley waqale wadonsa amehlo eSchool of Excellence ngaphambi kokuya kumaBrazilians, nokungenzeka abhekane nawo kowe-Absa Premiership eCape Town Stadium ngoLwesibili ebusuku.

"Ngihlale cishe iminyaka eyishumi kwiSundowns futhi kungaba mnandi uma ngingase ngifake igoli uma sesibhekene nayo," esho.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...