Ezimnandi kumakhasimende akwaNedbank athanda ibhola

2017-04-26 07:31

Cape Town – Umdlalo wamanqamu ongoweshumi kumqhudelwano weNedbank Cup – okungeminye yemiqhudelwano emikhulu kuleli – uzodlalelwa enkundleni yezemidlalo, iMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

I-Premier Soccer League, abaxhasi, kanye neNedbank, baqinisekise le nkundla endaweni obekuqhathwa kuyo amaqembu azodlala emzuliswaneni owandulela owamanqamu kumqhudelwano weNedbank Cup.

IChippa United izodlalela ekhaya nompetha abavikela lesi sicoco, iSuperSport United bese kuthi iLamontville Golden Arrows yona itholane phezulu ne-Orlando Pirates.

OLUNYE UDABA: 'Sezibaliwe ezikaKomphela kwiChiefs'

Ukushesha kokumenyezelwa kwenkundla okuzodlalwa kuyona owamanqamu kulindeleke ukuthi kuqale kusenesikhathi umkhankaso obheke eThekwini.

Lokhu kuyingxenye yohlelo lokwenza umdlalo wamanqamu weNedbank Cup nonyaka ungabi nje yinto yemizuzu engu-90 yokudlala ibhola, kodwa ukubungaza umkhakha wezemidlalo, ezokuvakasha kanye nezikaqedisizungu ngaphambi kanye nangemuva kwalo mdlalo.

UNedbank usethenge amathikithi angu-10 000 kuPSL alo mdlalo wamanqamu nazodayiswa ngokukhethekile kumakhasimende akwaNedbank ngo-R10 ithikithi ngalinye – nokuyisaphulelo esingaphezu kwamaphesenti angu-80 ngokwenani lamathikithi.

Amakhasimende aNedbank anama-account asebenzayo angathenga amathikithi amabili umuntu ngamunye eTicketPro.

I-PSL isazokhipha imininingwane mayelana namanani amanye amathikithi kanye nolunye ulwazi ngesikhathi esifanele.

Lo mdlalo wamanqamu uzodlalwa ngoMgqibelo mhlaka-24 kuJuni.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...