EZenkosi zihlawuliswe izinkulungwane ezingamakhulu amahlanu

2017-10-20 14:00

eThekwini - Ikomidi eliqondisa izigwegwe ku-Premier Soccer League selisikhiphile isinqumo mayelana necala ebelibhekene neqembu iJomo Cosmos FC.

IJomo Cosmos ibibhekene necala lokuhluleka ukulandela imigomo yezokuphepha nokuvikeleka enkundleni yayo yasekhaya eVosloorus ngomhlaka-17 Septhemba 2017 ngesikhathi idlala neRichards Bay FC.

Leli komidi lithole ukuthi eZenkosi ziphule imithetho yokuqinisekisa ezokuphepha nokuvikeleka ngaphambi kwalo mdlalo futhi aziwulandelanga umgomo wezokusebenza.

OLUNYE UDABA:Izowina ngo-3-1 iPirates - Inkakha

"Kuvele ukuthi uma kubhekwa indaba yezokuphepha kanye nokuvikeleka emidlalweni, izinhlangano ezahlukahlukene zikahulumeni ezibamba iqhaza, kanjalo nabaxhasi beligi, izihlwele, abathandi bebhola kanye nezakhamuzi zilindele lukhulu ku-PSL kanye nabasebenzi," kusho ikomidi.

Leli komidi lengeze ngokuthi kubalulekile ukuba abantu bawulandeli usomqulo wezokuphepha nokuvikeleka ukuze baqikelele ukuthi bayilandela yonke imigomo ebekiwe.

EZenkosi zitholwe zinecala futhi zahlawuliswa imali engu-R500 000, kwalengiswa u-R400 000 isikhathi esingangezinyanga ezingu-12 ngombandela wokuthi abatholakali belahlwe yicala elifanayo.

Leli qembu lizokhokhela nezindleko zokulalelwa kwaleli cala.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...