Elidlala ku-NFD lisayinise owayengumdlali weChiefs

2017-03-16 11:10

Johannesburg - Iqembu elidlala ku-National First Division, iRoyal Eagles, selisayine lowo owayengumdlali weKaizer Chiefs, uSula Matovu.

UMatovu sekuphele izinsuku ezine elokhu eziqeqesha naleli qembu kanti usevumelene naleli qembu ngemigomo yalo.

Kodwa noma kunjalo, ngenxa yenkinga yezincwadi zokusebenza kuleli, lo mdlali ubehleli nezihlwele eHarry Gwala Stadium izolo ebusuku ngesikhathi iqembu likaKosta Papic lehlulwa ngo-2-1 yiSuperSport United koweNedbank Cup.

OLUNYE UDABA: Mosimane ukhala ngamathuba abehlulile

"Usayinile inkontileka kanti kumanje uzama ukuthola izincwadi zemvume yokusebenza kuleli,” kusho uPapic etshela izintatheli ngemuva komdlalo.

Uthe izincwadi zizolunga maduzane, nokusho ukuthi emdlalweni olandelayo uzobe esekulungele ukudlala.

Leli qembu kusanda kubikwa ukuthi lisayinise lowo owayengumdlali we-Orlando Pirates u-Isaac Chansa, naye obehleli nabalandeli weNedbank Cup. 

-KickOff.com

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Showers early. More clouds than sun. Mild. PE: 12-20°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...