Elidlala ku-NFD lisayinise owaduma kwiPirates

2018-02-14 18:01

Johannesburg - ITshakhuma Tsha Madzhivhandila isikuqinisekisile ukuthi isayinise owayengumdlali we-Orlando Pirates neBloemfontein Celtic, uKhethokwakhe Masuku.

UMasuku, 32, usayine inkontileka yesikhathi esifushane naleli qembu eligijima ku-National First Division, ngokusho kokhulumela ikilabhu uLivhuwani Madzuhe.

"Yebo, simsayinisile namhlanje," kusho uMadzuhe etshela iKickOff.com.

"Sesiluphothulile uhlelo lokumbhalisa, salithola nekhadi nakho konke okunye. Sisaxoxisana naye ngezinye izinto ngoba ngeke kube yinkontileka yesikhathi eside. Simnikeze inkontileka yezinyanga eziyisithupha, esengavuselelwa.

OLUNYE UDABA: Alokhu egeleze njalo awenduduzo ngokushona komdlali

"Uzoba yingxenye yeqembu uma seliya eKapa. Uqale ukuzilolonga nekilabhu izolo.”

UMasuku, oshiye iCeltic kuqala unyaka, ubezilolonga neBidvest Wits kanye neqembu eliqhwakele ku-NFD iHighlands Park ngaphambi kokuba asayine kwi-TTM.

Iqembu likaSello Chokoe lilele endaweni yesibili kwiligi.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...