Ele-PSL lizomemezela abaphathi abasha

2017-09-16 14:09

Johannesburg - Imibiko yakamuva ithi iPlatinum Stars kulindeleke imemezele uThabo Mokgatle njengomnikazi omusha wale kilabhu.

Ukudayiswa kweDikwena bekukhulunyelwa phansi ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, njengoba iRoyal Bafokeng Nation kubikwe ukuthi ibifuna ukuyidayisela noma ngabe ngubani ozimisele ngokugcina leyigcina ePhokeng, kubika iKickOff.com.

IStars kulindeleke imemezela umnikazi omusha nabaphathi abasha esithangamini sabezindaba ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: Umqeqeshi wePirates uthi badlale ngendlela ebebehlele ngayo

Ngokusho komthombo osondelene neqembu, uMokgatle uzofika nombono omusha nezindlela ezizokwenza iDikwena ibalwe namaqembu aphezulu ezweni.

“Kuningi obekwenziwa ngasese. UThabo ungusomabhizinisi onezifiso ezinkulu, nezinhlelo ezinkulu ngeqembu,” kusho umthombo.

"Ikilabhu kulindeleke imemezele lezi izinguquko eziningi ngesonto elizayo,” kuqhuba umthombo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IChiefs isisayinise uCastro

2017-12-16 18:01
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...