Ele-PSL lisayinise umgadli wangaphandle - Umbiko

2018-01-16 14:02

Johannesburg - IPolokwane City iqinise isikwati sayo ngomgadli odabuka ezweni laseMalawi.

Imithombo ikuqinisekisile kwiSoccer Laduma ukuthi  le kilabhu yaseLimpopo isayinise umgadli waseMalawi, uMuhammed Sulumba.

Lo mgadli ujoyine iPolokwane esukwa kwiNyasa Big Bulltes, edlala kwiMalawi Premier Division, ngemuva kokusayina inkontileka yeminyaka emibili nengxenye.

OLUNYE UDABA: USuthu lusayinise owayengumdlali weChiefs - Umbiko

Lo mdlali oseke wadlala kancane kwiJomo Cosmos, ubelokhu ezilolonga neRise and Shine kusukela ngoDisemba.

Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala ozoncintisana phambili nabadlali abafana noRodney Ramagalela noRendani Ndou eqenjini labafana bakaBernard Molekwa. 

Khonamanjalo, imithombo ithi iPolokwane isanda kusayinisa noDominic Chungwa.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Partly cloudy. Mild. PE: 11-18°C a few tstorms. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...