Elase-KZN lithi ngeke lisamsayinisa umdlali waseZim

2018-02-07 18:02

Johannesburg - IMaritzburg United isithathe isinqumo sokungamsayinisi umdlali waseZimbabwe, uJohn Zhuwawu.

IMaritzburg ibihlele ukuba uZhuwawu avale isikhala esivuleke ngokuhamba kuka-Evans Rusike, odayiselwe iSuperSport United ngenyanga edlule.

Nakuba kunjalo, umqeqeshi uFadlu Davids ukuqinisekisile ukuthi isivumelwano asiphumelelanga.

"Cha, ngeke simsayinise futhi naye sizomazisa namhlanje ngesinqumo,” kusho uDavids.

OLUNYE UDABA: 'Onompempe kumele babuzw engezinqumo abazithathayo'

URusike ubengumdlali obalulekile kwi-Team of Choice, njengoba ebeseshaye amagoli angu-21 emidlalweni engu-80.

UDavids uvumile ukuthi iqembu lakhe, elizobhekana neSwallows FC kowe-Nedbank Cup last-32 eDobsonville Stadium ngoMgqibelo, lizobhekana nobunzima njengoba engasekho lo mdlali.

"Kuzomele sishintshe izinto manje njengoba engasekho uRusike, sithole indlela entsha esizodlala ngayo ukuze sishaye amagoli,” esho.

USihlalo weMaritzburg uFarook Kadodia uphonsele inselelo uMohau Mokate no-Andrea Fileccia ukuba benyuse amasokisi njengoba engasekho uRusike.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...