Elase-KZN ligcine limqashe ngokugcwele obebambe esokuqeqesha

2017-06-27 14:01

Durban - IMaritzburg United isimemezele ukuthi uFadlu Davids isimqoke njengomqeqeshi wayo omusha ngokugcwele.

ITeam of Choice namhlanje idalule esithangamanini sabezindaba ukuthi uDavids, 36, obebambe izintambo zokuqeqesha, useqashwe ngokugcwele.

Ngesizini ka-2016/17 umsizi kamqeqeshi waleli qembu uDavids kudingeke abambe izintambo kabili kulandela ukuhamba kuka-Ernst Middendorp noRoger de Sa.

UDavids wenze umsebenzi oncomekayo ngazo zombili lezi zikhathi.

OLUNYE UDABA: Kuphelile phakathi kweDowns noTeko

Ngenyanga ka-Ephreli uDavids wathola umklomelo wokuba ngumqeqeshi ovelele wenyanga kulandela ukudlala kahle kweqembu lakhe okugcine kuphele isizini liku-top 8.

USihlalo weqembu uFarook Kadodia uthi kumjabulisile kakhulu ukuqokwa kukaDavids.

UKadodia uthe lo mqeqeshi ulibonakalisile ikhono lakhe ngesikhathi ebambe izintambo kuleli qembu ngenxa yokushiya kwabaqeqeshi ababili.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 10-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Rain showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 15-22°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...