Eksteen: Iyethusa indlela ashone ngayo uNtshangase

2018-05-08 14:02

Cape Town - Umdlali wasesiswini kwiMaritzburg United uZiyaad Eksteen uthi indlela ashone ngayo uzakwabo uLuyanda Ntshangase ibe yibhadi futhi kayichazeki.

UNtshangase, owashaywa wumphezulu ngesikhathi bedlala owobungani nekilabhu edlala kwi-SAB League i-Arsenal, eMgungundlovu ezinyangeni ezimbili ezedlule, ushonele esibhedlela ngoLwesihlanu ngemuva kokungasindi.

U-Eksteen, naye owayekhona ngesikhathi kwenzeka isigameko washaywa wumbani waquleka, uthi uNtshangase ube nebhadi wabe esedlulisa amazwi enduduzo emndenini.

OLUNYE UDABA: Kugcine kumenele umdlali weMaritzburg owashaywa wumbani ngoMashi

"Okokuqala ngithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani njengoba lobu buhlungu ababuzwayo nami ngibuzwa," kusho lo mdlali, 22, etshela i-KickOff.

"Bekungaba yimina lo olele endaweni kaNtshangase. Lokhu kutshengisa ukuthi akumele sithathe izinto kalula - ngizwelana kakhulu nomndeni kulesi sikhathi esinzima."

Ekhuluma ngalesi sehlakalo, u-Eksteen uthe: "Umbani wawuqonde ngqo kuNtshangase wabe esejikela kimina. Ngaphaphama sengisesibhedlela. Indlela okwenzeka ngayo iyathusa," esho.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...