BUKA: UMajoro uthi bangakwazi ukuthatha iligi

2017-03-02 11:01

Cape Town - ICape Town City izokwamukela iMamelodi Sundowns e-Athlone Stadium ngoLwesihlanu kusihlwa emdlalweni we-Absa Premiership ongase kube yiwona onqumayo ukuthi yiliphi iqembu elisemathubeni amahle okuthatha isicoco seligi.

Ezika-Eric Tinkler zizoya kulo mdlalo zinokukhulu ukuzethemba njengoba izinto zizihambela kahle kusukela kwaqala isizini, kanti zibambene ngamaphuzu neqembu elihlezi esicongweni se-log, iSuperSport United nalapho behlukaniswe khona isibalo samagoli.

OLUNYE UDABA: IPirates neSundowns babekwe amacala yiPSL

Ekhuluma esithangamini sabezindaba ngaphambi kwalo mdlalo wangoLwesihlanu, uLehlohonolo Majoro, uthi ukholwa ukuthi iCity ingakwazi ukukhala yemuke nalesi sicoco seligi esigaqelwe amaqembu amaningi uma ngase isebenze kanzima.

Leli qembu elizinze eKapa lizobe libheke ukuwina isibili kuMasandawana ngemuva kokuthi bawathela isibhaxu sika-2-1 emdlalweni wokuqala enkundleni yezemidlalo, iLoftus Versfeld, ngo-Okthoba.

Lo mdlalo uzoqala ngo-20:00 kusihlwa.

Zibonele i-video ngezansi:


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Cool. Bloem: -1-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-20°C Afternoon clouds. Cool. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...