BUKA: Abalandeli beChiefs beshaya abadlali nethimba labaqeqeshi

2018-04-08 08:40

Cape Town – Bahlulekile wukuzibamba abalandeli beKaizer Chiefs ngesikhathi behlulwa kowe-Absa Premiership yiChippa United e-FNB Stadium ngoMgqibelo, bajikijela abadlali nethimba labaqeqeshi ngemfucuza.

AmaChilli Boys awashabalalisile amathemba Amakhosi okuhlabana nesicoco seligi ngesikhathi ewambozela ngo-3-0.

IChippa yiyo elibone kuqala ipali ngegoli likaThabo Rakhale yalandelisa ngelikaMxolisi Macuphu ngokuhamba kwesikhathi.

U-Edward Manqele ufike eseshayelela isipikili sokugcina ukuqinisekisa ukuthi bahamba nawo wonke amaphuzu amathathu.

Abalandeli beChiefs bebelokhu bekhalaze njalo ngomqeqeshi uSteve Komphela bethi kumele afakwe amasondo kepha lokho kwangenzeka.

Kuthe uma kukhala indweba yokuphela komdlalo wayizolo, abalandeli bajikijela abadlali nethimba labaqeqeshi ngodoti baphinde bacekela phansi nempahla enkundleni.

Buka nansi i-video ngezansi:

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...