BUKA: Abalandeli beChiefs benxusa uDoctor Khumalo ukuthi abuye

2017-10-03 07:01

Durban - Nakuba engashiyanga kahle eqenjini lebhola likanobhutshuzwayo iKaizer Chiefs wayojoyina iBaroka FC njengomqondisi wayo, uDoctor Khumalo usayintandokazi kubalandeli baMakhosi.

Abalandeli beKhosi batshengise le nkakha yomdlali eyayidlala esiswini kwiChiefs uthando ngokumemeza bethi "Buya, buya, buya" ngemuva kokuba uKhumalo esize ikilabhu asekuyo manje ngokushaya iChiefs ngo 2-1 eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibelo.

Kwi-video ezungeza ezinkundleni zokuxhumana, uKhumalo ubonakala anga aphinde exhawula abalandeli beKaizer.

UKhumalo washiya kwiChiefs ngo-Agasti 2017 eyojoyina iBaroka ngemuva kweminyaka engu-30 ehlezi neKhosi.

Yize kunjalo, le nkakha yeBafana Bafana isalokhu iyintandokazi kubalandeli bamaGlamour Boys nakuba ingasekho kule kilabhu.

- Twitter:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...