'Bekumele siqede ngesiwombe sokuqala ngePolokwane City'

2017-11-05 18:30

Johannesburg - Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uMusa Nyatama uthi iBhakabhaka bekumele liwunqobe ngesiwombe sokuqala umdlalo ngesikhathi bebhekene nePolowkane City.

IPirates ikhishiwe emqhudelwaneni weTelkom Knockout ngemuva kokwehlulwa ngo-4-2 kumaphenathi ngoMgqibelo ebusuku.

OLUNYE UDABA: Umqeqeshi wePirates uthi iseqophelweni eliphezulu iPolokwane City

IPirates yehlulwe yinqwaba yamathuba ewathole ngesiwombe sokuqala, kuhlanganisa nephenathi evinjwe uGeorge Chigova.

"Umphumela odumazayo lona, sidumele. Besifuna ukudlulela emzuliswaneni olandelayo kodwa ngeshwa akwenzakalanga,” kusho uNyatama ngemuva komdlalo ekhuluma nabakwa-SuperSport.

"Kuzomele sivuke sizithathe, sigxile emdlalweni olandelayo manje.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...