Asilubhadi ehlathini – Jomo Sono

2016-04-14 07:30

Johannesburg – Umqeqeshi weJomo Cosmos, uJomo Sono uthi unethemba lokuthi ezakhe zizokwazi ukuvika izembe uma ziqhubeka nokudlala ngale ndlela ezidlale ngayo zibhekene neBidvest Wits.

EZenkosi zibukise ngamaClever Boys enkundleni kepha zahluleka ukubhakuzisa inethi, kubika iKickOff.com.

“Badlale kahle abafana bami bangihlaba umxhwele, bebewuphethe wonke umdlalo. Bathole ithuba laba linye nje vo, belingafanele ukungena leliya goli,” kusho uSono.

OLUNYE UDABA: Sizohlala kuPSL - Jomo

“Ngiyaziqhenya kakhulu ngendlela iqembu lami elidlale ngayo. Ngingakusho kugcwale umlomo ukuthi asilubhadi ehlathini – kumele sinyuse amasokisi.”

Umqeqeshi weWits naye uvumelane noSono ngesikhathi encoma iCosmos ngendlela edlale ngayo.

“Basibhincisele nxanye, bebevutha bhe enkundleni. Kube yibhadi nje ukuthi bagcine behlulwa,” kusho uHunt.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-27°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...