Asikwazi ukusola ikhefu ngendlela esidlala ngayo - Mosimane

2018-01-09 14:03

Cape Town - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane usegcizelele ekutheni akumele kusolwe ikhefu likaKhisimusi ngokungadlali kahle kwezakhe kwi-Absa Premiership.

Ngemuva kokudlala kahle isikhathi eside, amaBrazilians ahluliwe emdlalweni wawo wokugcina ka-2017 kwaphindeka esifanayo ngomdlalo wawo wokuqala ka-2018, kwancipha igebe eqenjini elingaphansi kwawo kwilogi.

Ngemuva kokuhlulwa ngo-3-2 yiPolokwane City ngoMgqibelo, uMosimane ugcizelele ngokuthi ukuya ekhefini akunamthelela ngendlela abadlala ngayo.

OLUNYE UDABA: UMosimane uthi usexolise inhliziyo ngokuhamba kukaBilliat

"Lezi zinto ziyenzeka vele ebholeni," ucashunwe esho kanje yiTimesLIVE ngoMsombuluko.

"Kucacile ukuthi iPolokwane ibiwadinga kakhulu amaphuzu kunathi. Bebelambile uma beqhathaniswa nathi. Asikwazi ukusola ikhefu ngoba nabo bebesekhefini njengathi. Kuyacaca ukuthi thina sisagcwele amaholidi emakhanda."

Abafana baMosimane banethuba lokulungisa leli phutha ngoLwesibili uma sebehambela eKapa ukuyobhekana ne-Ajax Cape Town nayo ebhedelwa yizinto.

Lo mdlalo uzoqala ngo-19:30. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...