Angiyi ndawo, kusho umqeqeshi weBafana

2017-11-12 11:02

Johannesburg - Ukunqoba umdlalo owodwa kwemine yokuhlungelwa iNdebe yoMhlaba ka-2018 akunikezi isithombe esihle, kepha umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter unqabile ukuphawula ngokuthi lokho kuchazani ngekusasa lakhe kulesi sikhundla.

Ngemuva kokuhluleka ukuhlungelwa enye iNdebe yoMhlaba, uBaxter umile kwelokuthi ngeke asishiye isikhundla sakhe.

UBaxter uphuthwe yithuba lokuhola iBafana eRussia ngonyaka ozayo kulandela ukuhlulwa ngo-2-0 yiSenegal ngoLwesihlanu ebusuku, kwafadalala ithemba ebelivele limfiliba lokuphuma ngembobo yenaliti.

IBafana ibisihlulwa okwesithathu kule midlalo ngemuva kokushaywa yiCape Verde kabili.

OLUNYE UDABA: Ngeke ngilinde ukuxoshwa, ngizozihambela - Baxter

Kumanje isemsileni eqoqweni lamaqembu ebiqhathwe nawo, njengoba iSenegal yona ingenile kweyeNdebe yoMhlaba.

Sekungokwesibili uBaxter ehluleka ukuholela iBafana emidlalweni yeNdebe yoMhlaba njengoba kwakunguyena owayengumqeqeshi ngesikhathi iBafana iphuthwa yileli thuba ngo-2006 kuyiwa eGermany.

Nokho lo mqeqeshi uqine isibindi ngoLwesihlanu ebusuku, waveza ukuthi ngeke asule esikhundleni sakhe.

"Ngiyezwa abantu sebebuza ukuthi ngizokwenzenjani. Ngisabambe izinsuku ezingu-220 kanti ezingu-40 kuzona bengisekhempini nabadlali. Ngeke ngizijezise noma ngiphonse ithawula ngoba nakhu asidlulelanga phambili. Lokho kuyobe kusho ukuthi ngiyasangana," kusho uBaxter.

Lo mqeqeshi uthe usemningi umsebenzi omuhlalele.

- City Press

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...