Angimbambele gqubu uManyama - Mosimane

2017-09-02 10:49

Johannesburg - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, uthi akambambele gqubu uLebogang Manyama ngokuthatha isinqumo sokuyodlala eTurkey, wathi uyakweseka ukuyodlala kwalo mdlali weBafana Bafana e- Europe.

ISundowns ibigaqele ukusayinisa lo mdlali esuka kwiCape Town City, kepha isiphakamiso sayo sakhahlelwa kulandela ukuthi uSihlalo weCitizens ethe asanele.

UManyama, ohamba phambili ngamagoli ku-PSL, ube esekhetha ukusayina neqembu laseTurkey, iKonyaspor, Kubika iKickOff.com.

UMosimane, uthe nokho akaphoxekanga kakhulu. Uthe lo mdlali, 26, ukhethe kahle ngoba kungenzeka ukuthi leli thuba ngeke aphinde alithole.

OLUNYE UDABA: UManyama noNgoma baphika amahlebezi okushiya iCity

“Ngicabanga ukuthi kube ngumnyakazo omuhle ngoba usemncane futhi izinto ezinje aziqhamuki njalo futhi uma ungabuza uManyama ngephupho lakhe, uzothi ukudlalela iBafana nokuyodlala e-Europe, yingakho ngithi impela ukhethe kahle,” kusho uMosimane.

“Uma ungalitholi ithuba lokuyodlala phesheya kwezilwandle kusho ukuthi kumele ubhukule ekutheni uthole iqembu elikugculisayo kuleli ngoba phela uma usuthatha umhlalaphansi abantu bayokubuza ukuthi wanqobani ngezinsuku zakho.”

UMosimane uthe kuhle ngoba abaqeqeshi nabadlali bayazinqonda zonke lezi zinto ezihambisana nebhola.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...