Angikwazi ukulaxaza abadlali abadala ngoba sekufike abasha - Komphela

2018-02-05 18:10

Cape Town - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela uthi akafuni ukushintsha kakhulu isikimu sakhe ngoba nakhu efuna ukudlalisa abadlali abasha oLeonardo Castro noSiphelele Ntshangase.

La badlali abasanda kusayiniswa yile kilabhu abakaqali mdlalo, kodwa sebeke bangena umdlalo usuphakathi, okubalwa nomdlali wangoMgqibelo lapho iChiefs idlale ngokulingana ngo-1-1 neBidvest Wits.

Ngesikhathi ebuzwa ngokunganikezwa ithuba lokudlala kwala badlali, uKomphela uthe ngokwakhe akuyona into enhle ukulaxaza abadlali abebevele benza kahle ngoba nakhu sekufike abasha.

IChiefs isidlale imidlalo eyisikhombisa yeligi ingashaywa.

OLUNYE UDABA: UKomphela akagculisikeile kakhulu ngendlela abadlale ngayo

"Ngiyaye ngilingeke kona ukuthi ngiqale umdlalo ngoCastro noNtshangase, kepha bese ngimenzenjani u[Ryan] Moon odlala kahle kulezi zinsuku?

"Uma uqala ngoNtshangase kumele umshiye ngaphandle uShabba (Siphiwe Tshabalala)?," kusho uKomphela ekhuluma nabezindaba. 

UKomphela uphinde wagqugquzela umdlali weChiefs, uGustavo Paez, wathi uyabona ukuthi kuyabuya ukuzethemba kwakhe njengoba esedlaliswa noMoon.

Umdlalo olandelayo wamaKhosi azowudlala neGolden Arrows koweNedbank Cup last-32 ngeSonto.

Umdlalo uzoqala ngo-15:30.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...