Angikayiboni ngokwanele iChiefs - Umqeqeshi weBucs

2017-02-27 16:00

Cape Town – Umqeqeshi omusha we-Orlando Pirates, uKjell Jonevret, usedalule ukuthi alukho olutheni alwaziyo ngezimbangi ezinkulu iKaizer Chiefs, ngaphambi komdlalo obhekwe ngabomvu womkhaya.

IPirates kanye neChiefs bobabili badlale imidlalo lapho bebambane ngegoli elilodwa nhlangothi zombili njengoba kade bebhekene nePolokwane City kanye ne-Ajax Cape Town ngokwehlukana.

OLUNYE UDABA: Sekuseduze amanyezelwe umqeqeshi omusha weBafana

Lezi zinkunzi zaseSoweto zizotholana phezulu enkundleni yezemidlalo, iFNB Stadium, kule mpelasonto kanti uJonevret yena akakhathazekile ngokungabi nalwazi olwanele ngezimbangi ezinkulu.

“Cha, angikakayiboni ngokwanele iChiefs,” uJonevret ucashunwe esho kanjalo kuSowetanLIVE.

“Ngawubona umdlalo womkhaya ngesikhathi bewusakaza kumabonakude waseSweden ngonyaka odlule. Ngicabanga ukuthi nginesikhathi esanele kuleli sonto futhi sinethimba elihle labahlaziyi.

“Kodwa sizothatha isikhathi esiningi sibheka ukuthi senzeni [sibhekene nePolokwane] mhlawumbe nokuthi yini esingayenza kangcono sibhekene neChiefs.”

Lo mdlalo obhekwe ngabomvu uzoqala ngo-15:30 ntambama.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IChiefs isisayinise uCastro

2017-12-16 18:01
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...