Angikavuthwa ngokwenele ukuqeqesha iBafana – Benni

2017-01-29 11:04

Johannesburg – Inkakha yeBafana Bafana, uBenni McCarthy, ithi iseyincane kakhulu ukuthi ingabheka ukuqeqesha iqembu lesizwe lakuleli.

UMcCarthy namanje akekho umdlali osadlule irekhodi lakhe lamagoli angu-31 kuBafana.

Yize uMcCarthy engakaze asho ukuthi ugaqele lo msebenzi wokucija iBafana, uthi mhlawumbe kungenzeka esikhathini esizayo kepha hhayi manje.

OLUNYE UDABA: Akakasho lutho uKhoza - Benni

Le nkakha isanda kuthola ilayisensi yokuqeqesha i-Uefa A kanti isingaqala ifake izicelo zokulolonga amaqembu.

“Ngisemncane kakhulu ukuthi ngingaqeqesha iBafana. Lo msebenzi ungowabantu asebemnkantsh’ubomvu abafana noGavin Hunt noPitso Mosimane.

“Esigabeni sokuqeqesha iqembu lesizwe ingcindezi iba yinkulu kakhulu ngoba uhlala isikhathi eside ungaciji badlali, kuthi la kufika khona umdlalo bese uyadideka.

“Yingakho ngithi nje mina angikakulungeli ukuba kulo msebenzi,” esho.

Lesi sikhala sokulolonga iBafana asinamuntu kulandela ukukhonjwa indlela uShakes Mashaba.

 

- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Rain late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...