Angase angadlali oweSundowns egcina izinto zebandla lakwaShembe
2017-07-07 12:28
Johannesburg - IMamelodi
Sundowns isikuqinisekisile ukuthi umdlali wayo, uSiyanda ‘Jojo’ Zwane,
maningi amathuba okuthi angadlali emdlalweni wangeSonto weCAF Champions
League uma ngabe leli qembu selitholene phezulu ne-AS Vita njengoba
esesebhandeni.
UZwane - nobesanda kuvuselela inkontileka yakhe neqembu - ukhonza ebandleni iNazareth Baptist Church, kubika iKickOff.com.
"USiyanda Zwane usebhandeni ngezizathu zezenkolo," kusho umqeqeshi
weSundowns, uPitso Mosimane, nobesanda kubhekana nesimo esicishe sifane
ngabadlali bakhe ababili, uBangaly Soumahoro kanye noFares Hachi.
Laba
dlali bobabili bakholwa ngokwenkolo yamaSulumane
kanti kuye kwadingeka ukuthi babe sebhandeni inyanga yonke njengengxenye
yomgubho wenyanga engcwele, IRamadan.
OLUNYE UDABA: Umdlali webhola ushaywe yizulu washonela enkundleni
Omunye umdlali okulindeleke ukuba angabi khona kulo mdlalo, uTiyani
Mabunda, njengoba esalimele, kanti ngakolunye uhlangothi uWayne Arendse
yena kulindeleke ukuthi abuyele ensimini njengoba eseqalile
ukuziqeqesha ngokuphelele.
UMosimane kulindeleke afake isikwati esiqinile kulo mdlalo yize
noma leli qembu selivele lidlulele emzuliswaneni wama-quarter-finals.
ISundowns izotholana phezulu ne-AS Vita ngeSonto kusihlwa (19:00)
emdlalweni wayo wokugcina weqoqo enkundleni yezemidlalo iLucas Moripe
Stadium.
- News 24