AmaZulu aseqoke umqeqeshi omusha

2016-05-04 12:35

Durban - AmaZulu aseqoke umqeqeshi weChicken Inn, uJoey Antipas, njengomqeqeshi ozongena esikhundleni sikaSteve Barker ngesizini ezayo.

UDelron Buckley uzoqhubeka nokubamba kwesokuqeqesha uSuthu kuzekuphele isizini.

“Sesiwaphothulile amaphepha kaJoey Antipas futhi sijabule kakhulu ngokuqokwa kwakhe,” kusho imenenja yeqembu uLunga Sokhela.

Funda nalolu daba: 'IChiefs igaqele ukapteni weDowns'

“Ungumuntu nakanjani ozoletha ubuhlakani namava esiwadingayo ukuze senze kangcono kunale sizini, futhi siqinisekise ukuthi siyaqina siyakwati ukuze sikwazi ukukhuphukela phezulu ngesizini ezayo.”

U-Antipas unqobe isicoco seligi neMotor Action ngo-2010, waphinde wasithatha futhi neChicken Inn ngesizini edlule.

AmaZulu axosha uBarker ngenyanga edlule, kubika iKickOff.com.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Scattered showers. Clearing skies. Cool. Pta: 13-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...