AmaZulu aphika eyomqeqeshi omusha

2016-10-31 14:33

Johannesburg - Imenenja yamaZulu uLunga Sokhela isizwakalise ukushaqeka ngemibiko yephephandaba ethi ethi sekuqokwe umqeqeshi omusha ozothatha isikhundla sikaJoey Antipas.

Ngokusho koSuthu, iphephandaba Ilanga ngoMsombuluko  lithe uVladislav Heric usendleleni uzojoyina leli qembu elidlala kuNFD, okuyinto ayiphikayo uSokhela.

“Iyasimangaza le mibiko,  futhi sithanda ukukubeka kucace ukuthi abaqondise bamaZulu kanye nabadlali bameseka ngokugcwele umqeqeshi uJoey Antipas.”

Funda nalolu daba: UJomo uthi uyabuya kwiPSL

“Umuza muhle kakhulu eqenjini futhi sizibophezele emizameni yokukhuphulela iqembu esigabeni esiphezulu iqembu lingaphansi kukaJoey Antipas,” kusho uSokhela.

Iphephandaba belibike ukuthi bekuwumdlalo wokugcina u-Antipas eqeqesha amaZulu nakuba bewinile, ngenxa yokuthi leli qembu beselidlale imidlalo emine lingawini.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...