AmaZulu afuna ukuziphindiselela kwiChiefs

2017-11-22 12:30

Cape Town - AmaZulu azokwamukela iKaizer Chiefs eKing Zwelithini Stadium eMlazi ngoLwesithathu njengoba ezimisele ngokuziphindiselela kulandela ukuthi iziMpofana zawakhipha emqhudelwaneni ngenyanga eyedlule.

USuthu lwathelwa ngehlazo lika-3-0 lidlalela ekhaya ngesikhathi ligadulisana naMakhosi koweTelkom Knockout, okungumdlalo elalingawunqoba ukuba lawasebenzisa amathuba elaliwathola.

IChiefs yadlulela phambili nokho nayo yakhishwa yiBidvest Wits kuma-semi-final ngempelasonto.

"Sizobathola kahle besanezinhliziyo ezibuhlungu,” kusho umqeqeshi wamaZulu uCavin Johnson.

OLUNYE UDABA: USuthu lufuna ukwenza okwehlukile uma selubhekene neChiefs

"Sadlala kahle kakhulu sidlala nabo koweTelkom Knockout, kepha sahluleka ukusebenzisa amathuba. Ukube sawafaka amagoli, kwakuzokhulunywa okunye.

“Kepha lokho sekudlulile manje futhi sinomdlalo kusasa (namhlanje). Siszizswa sikulungele ukuwudlala futhi siyethemba ukuthi sizobuya nemiphumela ethokozisayo.”

Le kilabhu yaKwaZulu-Natal ilele kunombolo 9 kwiligi, kepha isalele emuva ngamaphuzu amabili kwiChiefs engunombolo 5.

U-Ovidy Kururu, Thembela Sikhakhane noSadate Ouru-Akoriko sebelumele njengoba bebelimele. Abanye abadlali abalimele abazophuthwa yilo mdlalo ngoRamahlwe MphahleleKgotso MolekoTeenage HadebeRyan Moon noTsepo Masilela.

Umdlalo uzoqala ngo-19:30.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...