AmaSpringbok amkhombe indlela uCoetzee

2018-02-02 12:30

Cape Town - ISA Rugby isikhiphe isimemezelo sokuthi ifinyelele esivumelwaneni sokuhlukana ngezindlela nomqemqeshi weqembu lesizwe, u-Allister Coetzee

ISA Rugby yiyo ezoqhubeka nomsebenzi obuwenziwa ngumqeqeshi wamaSpringbok, kuze kube ithimba elibhekelele ukusebenza kweqembu nabaqeqeshi kulo nyaka liyaqinisekiswa ngasekupheleni kwale nyanga.

UCoetzee ne-SA Rugby bafinyelele esivumelwaneni wokudabula inkontileka kulandela ukuthi lo mqeqeshi ehlale iminyaka emibili kulo soseshini.

OLUNYE UDABA: Indumalo kuTwitter ngokushona kowayedlalela amaSpringbok

“Bekubalulekile kithi ukuthi sibheke ukuthi yini emqoka eqenjini lesizwe,” kusho uJurie Roux, oyisikhulu esiphezulu se-SA Rugby. 

“Sithanda ukubonga u-Allister ngokuzinikela nangokusebenza ngokuzimisela eqeqesha amaSpringbok kanti simfisela okuhle kodwa ngekusasa."

UCoetzee naye uphawule kanje: “Iqembu lamaSpringbok belisondelene kakhulu nenhliziyo yami kanti ngicabanga ukuthi manje kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kwami neqembu.

"Ngifisela amaSpringbok okuhle kodwa ngekusasa, njengenhlalayenza."

Ukuqokwa kwethimba labaphathi bamaSpringbok kulindeleke ukuba kuphothulwe ngaphambi kokuphela kukaFebhuwari.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...